Isichibiyelo somgomo 1.
ukuqonda kahle mayelana neGNSS kusho izinga lokuhambisana phakathi kwesilinganiso esiqaguliwe, isilinganiso esitholakele noma isimo esifunekayo noma amandla ohlelo ngesikhathi esithile nesimo sempela noma samandla, livame ukwethulwa ngezibalo zokulinganisa iphutha ohlelweni kanti lichazwa njengento engaqagulwa, ephindekayo ngokusebenzisa isiqhathaniso.
d Umzila weqophelo C4 namandla okulawula indiza kuphela lapho umshini odinga uhlelo oludidiyele lokulawula indiza ukuba uhlinzeke ngezinga lobuchwepheshe beGPS obulingana nalobo obutholakala kwiRAIM.
Qaphela: Umshini weGNSS weqophelo C uyofakwa kuphela ezindizeni ezinkulu ezigunyazelwe ukusebenza ngaphakathi ezweni nezihambela kwamanye amazwe.
inqubo yokuhamba emafini ichaza amasu ehlukene athinta ukusetshenziswa kwezinsiza zokundiza ezihambisana nezivikeli ezihlonziwe ukuba zingaphazanyiswa ngesikhathi sokushayela kuze kufinyelele lapho indiza ithintana khona ngempela nomhlabathi lapho sekuphela lonke uhlelo lokuhlala emhlabathini noma ukuqala kabusha uzungezo lokundiza ngenxa yokwehluleka ukuhlala ngendlela ejwayelekile , uma indiza yehluleka ukuhlala ngokwejwayelekile, ibuyele esimweni lapho ingakhokha khona umoya noma ilinde kulunge isimo sokuhlala.
GNSS ichaza Uhlelo Olusetshenziswa Emhlabeni lokuQagula Indiza Emkhathini (GNSS). Uhlelo nesikhathi esikanise emkhathini esihlanganisa ubuchwepheshe noma iqeqeba labo elihogela ngomkhathi, izinzisa zendiza kanye namandla okulandelela olusiza ngokweseka umsebenzi wokuhlola nokubuka izithuthi ezihamba emkhathini.
Isigameko seGNSS sichaza isigameko kanjalo nezimo ezifuze ukungasebenzi kahle komshini, izinkomba noma iphutha lomuntu ngaphansi kohlelo lweGNSS.
uhlelo olusezingeni lokuqala lokuhola indiza luchaza uhlelo lokuhola indiza emoyeni olwemukelwe nguKhomishani ngomsebenzi othile noma isikhawu sokundiza esithembekile futhi esiqondile kodwa okungasho ukuthi sihlangabezana ngokugcwele nezidingo zokutholakala nokusebenza ngendlela engaphazamiseki.
Ukwemukela, Ukuqapha Nokwethembeka koLwazi Olutholwa ngoBuchwepheshe boMkhathi (RAIM) buchaza iqhinga lapho uhlelo lweGNSS lunquma khona ukwethembeka kwezimpawu zokulawula indiza ngeGNSS ngokusebenzisa kuphela izimpawu zeGNSS zisizwa yibanga lokuya emkhathini.
i "RVSM" ichaza umehluko okhona phakathi kwebanga lokundiza ngaphezulu kwa-290 kuya kumafithi ayi-1000 uma ubheke ecaleni ophuma ngakulo kanjalo namafithi ayi-1000 ubheka lapho liqonde ngakhona ibhanoyi".
"umkhathi weRVSM" ichaza umkhathi phakathi kwebanga lendiza elingu- 290 nebanga 410".
"Isitifiketi semvume yeRVSM sichaza isitifiketi sokukhombisa ukuhambisana kwendiza nethimba labashayeli ukusebenzisa umkhathi weRVSM".
ukuhola indiza iqonde phezulu kuchaza iqhinga lokulawula indiza ngendlela evumela ukuba ibhanoyi liqonde phezulu ngokusebenzisa izinsiza zesilinganiso sokusuka phansi emhlabathini, ukubuka imigudu engaphandle kwendiza noma ingxube yalokhu.
ukusebenzisa amehlo kuchaza iqhinga lokundiza le-IFR lapho ingxenye ethile noma yonke yenqubo yethuluzi ingaqedwa kanjalo futhi ukuhlala kwenziwa ngokubuka umzila wendiza.
Isichibiyelo somgomo 1.00.
Isichibiyelo somgomo 12.02.
b Ithimba labasebenzi bezithuthi zomoya; noma c Isiteshi samaPhoyisa esiseduze, ngengozi ethintekayo.
Isichibiyelo somgomo 12.02.
b eThimbeni leZithuthi Zomoya; noma c esiteshini samaPhoyisa esiseduze, mayelana naleso sigameko.
Ukugaxa umgomo 21.08.
Umgomo olandelayo ugaxwa ngemuva komgomo 21.08.
A Endizeni okufanele iqhutshwe emkhathini okulindelwe kuwo imvume yeRVSM, kudingeka isitifiketi semvume.
Indima 8 yeSigaba 6 esichaziwe ihlinzekela noma yiluphi ushintsho noma uguquko olulandela isimo sakuqala okukhishwe ngaso Imvume yeRVSM.
Noma yisiphi isicelo sokunikwa imvume yesitifiketi seRVSM siyoqondiswa kuKhomishani ngendlela echazwe wumgomo 91.07.313 
Ukugaxa Umgomo 43.02.
Umgomo olandelayo uzogaxwa ngemuva komgomo 43.02.
Isichibiyelo soMgomo 91.02.
sokuthi umshini olindelwe mayelana nokugcina ibanga lokuphakama nohlelo nokuthi lufakiwe futhi lusebenza ngendlela eqondile uhlelo lokuqwashisa; kanjalo iii awukho umgomo noma izihibe zokunqanda umsebenzi emkhathini weRVSM.
i ukuthi uhlelo lweGNSS lumiswe lwaqondana nenkomba yokuqagula isimo uma sicezuka emzileni CD: kanjalo ii umzila wokuhamba indiza emkhathini uqukathwe wusomqulu wendiza.
Ukugaxa Umgomo 121.03.
Umgomo olandelayo uzogaxwa ngemuva komgomo 121.03.
A Umnikazi webhanoyi elikhulu lohwebo ohlose ukusebenzisa leyo ndiza emkhathini weRVSM uyoqikelela ukuthi ithimba labashayeli bendiza baphothule uqeqesho ngendlela efunwa wuMqulu SA-CATS-OPS 121.
Isichibiyelo soMgomo 121.04.
a ukubhala kabusha izinombolo zomgomo ochaziwe njengomgomo 121.04.
Ibhukwana lokundiza ibhanoyi eliqinisekiswe ukuba lindize emkhathini liyoqukatha ulwazi olunqunywe wuMqulu SA-CATS-OPS 121.
Isichibiyelo soMgomo 121.06.7 weNgxenye 121.06.
a ukubhalwa kabusha kwezinombolo zomgomo oshiwo ube ngumgomo 121.06.
a uyobikela uKhomishani isigameko esibandakanya isimo sokuphakama esingaphephile endaweni yeRVSM ngaphambi kokuphela kwamahora angama-24 ngendlela ehlonzwe wuMqulu SA-CATS-OPS 121; kanjalo b uyohlonipha ngokushesha, ngendlela elindelwe iphutha ngalinye lokuphakama okuqaguliwe
Qaphela: Izinga lokubekezela ubungozi bokushayisana emkhathini liyodlulwa uma isisebenzi sihlangabezana njalo namaphutha .
Isichibiyelo soMgomo 121.07.
a ukubhala kabusha izinombolo zomgomo 121.07.2 ube ngumgomo 121.07.21.
Ukugaxa Umgomo 135.03.
Umgomo olandelayo uzogaxwa ngemuva komgomo 135.03.
A Umshayeli wendiza encane yokuhweba ohlose ukushayela leyo ndiza ngaphakathi kwemingcele yeRVSM uyoqikelela ukuthi ithimba elishayela indiza liphothule uqeqesho ngendlela echazwe wuMqulu SA-CATS-OPS 135.
Isichibiyelo soMgomo 135.04.
a ukubhala kabusha izinombolo zomgomo 135.04.4 zibe wumgomo 35.04.
ibhukwana lokundiza lebhanoyi elinikwe isiqiniseko sokusebenza emkhathini weRVSM liyoqukatha ulwazi olunqunywe wuMqulu OPS 135.
Isichibiyelo soMgomo 135.06.
a ukubhala kabusha izinombolo zomgomo 135.06.7 zibe wumgomo 135.06.
a abikele Ukhomishani isigameko sokwehluleka ukugcina ukuphakama okufanele endaweni yeRVSM ngendlela echazwe wuMqulu SA-CATS-OPS 135; and b alungise ngokuphelele, ngesikhathi iphutha eliqondene nokuphakama okungalungile endaweni yezindiza.
Qaphela: Izinga lokubekezela ubungozi bokushayisa emkhathini lingedlulwa uma isisebenzi siqhubeka nokuhlangabezana namaphutha.
Isichibiyelo soMgomo 135.07.
a ukubhala kabusha izinombolo zomgomo 135.07.2 njengomgomo 135.07.
Ukugaxa Umgomo 145.01.
Umgomo olandelayo uzogaxwa ngemuva komgomo 145.01.
Umnikazi wemvume yokulungisa indiza ekhishwe ngaphansi kwale Ngxenye, uyosungula futhi agcine uhlelo lokuqeqesha oluqondene nabasebenzi bokukhanda izindiza abaqashiwe.
b bathola uqeqesho njalo ngemuva kwesikhathi esithile oluqondene nobuchwepheshe obusha namaqhinga okukhanda indiza; ngendlela echazwe wuMqulu SA-CATS-AMO.
Uhlelo lokuqeqesha oluhlonzwe wumgonyana 1 luyoba yingxenye yebhukwana lenqubo yenhlangano.
Uqeqesho lokuqala nolulandelayo lungethulwa yilowo onekhono noma neNhlangano lokuqeqesho ngezokundiza ngemvume ekhishwe ngokulandisa kweNgxenye 141 noma ngomunye egameni labakhiqizi bomshini olungiswayo
Le ngxenye iyosebenza ekwethuleni inqubo yezinsiza zokundiza kanye namashadi eziphuphutheki zeICAO.
Izimo, imibandela, imithetho, inqubo namaqophelo okudweba, emvume nemigomo yenqubo yezinsiza zokundiza kanye namashadi eziphuphutheki (ICAO) ziyomiswa wuMqulu SA-CATS-PANS.
Isichibiyelo soMgomo 187.00.
